Umshumayeli 3:17-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Ngase ngithi enhliziyweni yami:“UNkulunkulu uyakwahlulela nolungileyo nomubi,ngokuba kukhona lapha isikhathi sezindaba zonkenesemisebenzi yonke.”

18. Ngathi enhliziyweni yami: “Kungenxa yamadodana abantu ukuze uNkulunkulu awavivinye, wona azibonele ukuthi anjengezilwane nje.

19. Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.

20. Konke kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.

21. Ngubani owaziyo ukuthi umoya wamadodana abantu ukhuphukela phezulu, nomoya wezilwane ukuthi wehlela phansi emhlabathini, na?”

22. Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?

Umshumayeli 3