14. Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.
15. Lokhu okukhona yikho okwakukhona,nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona;uNkulunkulu ufuna okudlulileyo.
16. Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.
17. Ngase ngithi enhliziyweni yami:“UNkulunkulu uyakwahlulela nolungileyo nomubi,ngokuba kukhona lapha isikhathi sezindaba zonkenesemisebenzi yonke.”
18. Ngathi enhliziyweni yami: “Kungenxa yamadodana abantu ukuze uNkulunkulu awavivinye, wona azibonele ukuthi anjengezilwane nje.
19. Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.