Umshumayeli 3:14-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.

15. Lokhu okukhona yikho okwakukhona,nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona;uNkulunkulu ufuna okudlulileyo.

16. Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.

17. Ngase ngithi enhliziyweni yami:“UNkulunkulu uyakwahlulela nolungileyo nomubi,ngokuba kukhona lapha isikhathi sezindaba zonkenesemisebenzi yonke.”

Umshumayeli 3