Umshumayeli 3:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Konke kunesikhathi sakho,yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.

2. Kukhona isikhathi sokuzalwanesikhathi sokufa,isikhathi sokutshalanesikhathi sokusiphula okutshaliweyo;

3. isikhathi sokubulalanesikhathi sokuphilisa,isikhathi sokudilizanesikhathi sokwakha;

4. isikhathi sokukhalanesikhathi sokuhleka,isikhathi sokulilanesikhathi sokusina;

5. isikhathi sokuphonsa amatshenesikhathi sokuqoqa amatshe,isikhathi sokugonanesikhathi sokungagoni;

6. isikhathi sokufunanesikhathi sokulahlekelwa,isikhathi sokugcinanesikhathi sokuhlahla;

7. isikhathi sokuklebhulanesikhathi sokuthunga,isikhathi sokuthulanesikhathi sokukhuluma;

8. isikhathi sokuthandanesikhathi sokuzonda,isikhathi sokulwanesikhathi sokuzola.

9. Unanzuzoni osebenzayo ngalokho akushikashikayo na?

10. Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.

11. Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.

12. Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona.

Umshumayeli 3