Umshumayeli 2:5-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. ngazenzela izivande namahlathi, ngatshala khona imithi enezithelo zezinhlobo zonke,

6. ngazenzela amachibi amanzi ukuba kuniselwe ngawo ihlathi lemithi emilayo.

7. Ngathenga izinceku nezincekukazi, nganginazo ezazalwa endlini; yebo, nganginemfuyo enkulu yezinkomo neyezimvu phezu kwakho konke okwakuphambi kwami eJerusalema.

8. Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nemfuyo yamakhosi, nezifunda; ngathola abahlabeleli, abesilisa nabesifazane, nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi.

9. Ngase ngikhula ngaba mkhulu kunabo bonke ababe phambi kwami eJerusalema. Nokuhlakanipha kwami kwakumi ngakimi.

10. Konke amehlo ami akufisayo angikugodlanga kuwo; angenqabelanga inhliziyo yami neyodwa intokozo, ngokuba inhliziyo yami yathokoza ngawo wonke umshikashika wami; lokho kwakuyisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami.

11. Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga.

12. Ngase ngiphenduka ukuba ngibone ukuhlakanipha, nokuhlanya, nobuwula, ngokuba angenzani umuntu olandela inkosi ngaphandle kwalokho okwenziweyo ngaphambili na?

13. Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengalokhu ukukhanya kudlula ubumnyama.

14. Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe, kepha isiwula sihamba ebumnyameni; nokho ngabona ukuthi umehlo munye wehlela bonke.

15. Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula ngiyakwehlelwa nami; ngisidluleleni ngokuhlakanipha na?” Ngathi-ke enhliziyweni yami ukuba nalokho kwakuyize.

16. Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele. Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na?

17. Ngase ngizonda ukuphila, ngokuba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga mubi kimi, lokhu konke kuyize nokufuna umoya nje.

18. Yebo, ngazonda wonke umshikashika wami engangiwushikashika phansi kwelanga, lokhu ngabona ukuthi ngizakuwushiya kumuntu ofika emva kwami.

19. Ngubani owaziyo, uma eyakuba ngumuntu ohlakaniphileyo noma isiwula na? Nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikile nengihlakaniphele kuwo phansi kwelanga. Nalokho kuyize.

20. Ngase ngibuye ngaphela ithemba ngawo wonke umshikashika engangiwushikashikile phansi kwelanga.

21. Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe wenziwe ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono, kepha nokho uyakuwunikeza kumuntu ongawushikashikanga kube yisabelo sakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu.

22. Ngokuba umuntu unanzuzoni yawo wonke umshikashika wakhe nokukhandleka kwenhliziyo yakhe akushikashikile phansi kwelanga na?

23. Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.

Umshumayeli 2