Umshumayeli 12:6-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. yebo, lingakagqabuki igoda lesiliva,nokhamba lwegolide lungakaphahlazwa,nembiza ingakafi ngasemthonjeni,nesondo lingakaphuki ngasemgodini wamanzi,

7. uthuli lubuyele emhlabathini,njengokuba lwalunjalo,umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.

8. “Ize leze,” usho uMshumayeli,“konke kuyize.”

9. Futhi ngokuba uMshumayeli wayehlakaniphile, wayefundisa abantu ukwazi, wazindla, waphenya walungisa izaga eziningi.

10. UMshumayeli wafuna ukuthola amazwi anamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso.

11. Amazwi abahlakaniphileyo anjengezincijo, nezigaba zawo zinjengezipikili ezinamatheleyo, ephiwe nguMalusi munye.

Umshumayeli 12