Umshumayeli 12:2-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. yebo, lingakabi mnyama ilanga,nokukhanya, nenyanga,nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula,

3. ngalolo suku lapho abalindi bendlu beyakuthuthumela,amadoda anamandla agobe,abasilikazi bayeke ngokuba beyingcosana,abalunguza emafasiteleni bafiphazelwe,

4. iminyango ivalwe esitaladini,lapho umsindo wokusila uncipha,umuntu avuke ngezwi lenyoni,izintombi zonke zokuhlabelela zithuliswe;

5. nalapho abantu besaba imimangoizesabiso zibe sendleleni,umalimondi* ukhahlele,intethe itotobe,izithelo zesihlahla sekaphari*zingabe zisaba namandla,ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade,nabalilayo bazulazula esitaladini;

6. yebo, lingakagqabuki igoda lesiliva,nokhamba lwegolide lungakaphahlazwa,nembiza ingakafi ngasemthonjeni,nesondo lingakaphuki ngasemgodini wamanzi,

7. uthuli lubuyele emhlabathini,njengokuba lwalunjalo,umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.

8. “Ize leze,” usho uMshumayeli,“konke kuyize.”

9. Futhi ngokuba uMshumayeli wayehlakaniphile, wayefundisa abantu ukwazi, wazindla, waphenya walungisa izaga eziningi.

10. UMshumayeli wafuna ukuthola amazwi anamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso.

Umshumayeli 12