Umshumayeli 11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Konke kuyize leze

1. Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi,ngokuba uyakusifumanaemva kwezinsuku eziningi.

2. Yabela abayisikhombisa nabayisishiyagalombili,ngokuba awukwazi okubi okuyakuba semhlabeni.

3. Uma amafu egcwele imvula,ayayithulula emhlabeni;futhi uma kuwa umuthi ngaseningizimunoma ngasenyakatho,endaweni lapho uwa khona umuthi,uyakuba lapho.

4. Oqaphela umoya akayikuhlwanyela;obheka amafu kayikuvuna.

5. Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi,nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.

6. Hlwanyela imbewu yakho kusasa,ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa,ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela,yilena noma yileyo,noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.

7. Ukukhanya kumnandi,yebo, kuhle emehlweni ukubona ilanga.

8. Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi,makathokoze ngayo yonke,akhumbule nokho nezinsuku zobumnyamaukuthi njengokuba ziziningi,konke okufikayo kuyize.

Iziluleko kwabasha

9. Thokoza, nsizwa,ebusheni bakho,inhliziyo yakho ikuphe ukwenamaemihleni yobunsizwa bakho,uhambe ngezindlela zenhliziyo yakhonjengokubona kwamehlo akho,kepha yazi ukuthi ngakho konke lokhouNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.