14. Isiwula siyandisa amazwi,nokho umuntu akazi okuyakuba khona;nalokho okuyakuba ngasemva kwakhe,ngubani ongamtshela lokho na?
15. Umshikashika weziwula uyaziqoba,ukuze zingazi nokuya emzini.
16. Maye kuwe lizwe onkosi yakho ingumntwana,nezikhulu zakho zinedili ekuseni!
17. Ubusisiwe wena lizwe onkosi yakho iyindodana yabakhulu,nezikhulu zakho zinedili ngesikhathi,ziziqinise, zingadakwa.
18. Ngobuvila obukhulu indlu iyabola,nangokwenqena kwezandla iyavuza.