Umshumayeli 10:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izimpukane ezifileyozenza amafutha omthaki ukuba anuke, abile;kanjalo ubuwula obuncanebulingana nokuhlakanipha nodumo.

2. Inhliziyo yohlakaniphileyoingakwesokunene sakhe,kepha inhliziyo yesiwula ingakwesokhohlo.

3. Yebo, nasendleleni esihamba ngayo isiwula,siyaphela ingqondo,sisho kubo bonke ukuthi siyisiwula.

4. Uma umoya wombusi ukuvukela,ungashiyi indawo yakho,ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.

5. Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga,bunjengephutha elivela kumbusi:

6. ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo,kepha abacebileyo bahlala kweziphansi.

7. Ngibonile izinceku zikhwele amahhashi,nezikhulu zihamba phansi njengezinceku.

8. Omba umgodi uyakuwela kuwo,nodiliza ugange uyakulunywa yinyoka.

9. Okhipha amatshe uyakulinyazwa yiwo,nobanda izinkuni uyakuba sengozini ngazo.

10. Uma insimbi ibuthuntu,umuntu engaloli usiko,uyakhamelela ngamandla;kepha okusizayo ukuphumelelisa kungukuhlakanipha.

11. Uma inyoka iluma ingakalunjwa,umlumbi akasizi lutho.

12. Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa,kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.

Umshumayeli 10