5. Ilanga liyaphuma, ilanga liyashona,lishesha ukuya endaweni yalo lapho liphuma khona.
6. Umoya uya ngaseningizimu,uzungeze, uye ngasenyakatho;uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo,nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.
7. Yonke imifula iyangena elwandle,kepha ulwandle alugcwali;endaweni eya kuyo imifula,ibuye iye khona njalo.
8. Zonke izinto ziyakhandleka,akakho ongakuphimisa;iso alisuthi ngokubona,nendlebe ayigcwali ngokuzwa.
9. Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona,nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa;akukho okusha phansi kwelanga.
10. Kukhona yini into okuthiwa ngayo:“Bheka, intsha le.”Yayikhona nasemandulo ayengaphambi kwethu.
11. Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile,nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabophakathi kwabalandela bona.
12. Mina Mshumayeli ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema.
13. Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.
14. Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.
15. Okuyisigwegwe akunakuqondiswa, nokungekho akunakubalwa.
16. Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: “Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu, ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema, yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.”