8. Ungathokozi ngami, sitha sami;ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka;lapho ngihlezi ebumnyameni,uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.
9. Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova,ngokuba ngonile kuye,aze amele indaba yami,angenzele ukwahlulelwa,angiphumisele ekukhanyeni,ngibone ukulunga kwakhe.
10. Isitha sami siyakukubona,sisitshekelwe ngamahloni,esona besithi kimi:“Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?”Amehlo ami ayakusibona;manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.
11. Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho;ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.
12. Ngalolo suku bayakufika kuwebevela e-Asiriya nasemizini yaseGibithe,kusukela eGibithe kuze kube seMfuleni,*kusukela elwandle kuze kube selwandle,kusukela entabeni kuze kube sentabeni.
13. Kepha izwe liyakuba yincithakalongenxa yabakhileyo kulo ngezenzo zabo.
14. Yalusa abantu bakho ngentonga yakho,izimvu zefa lakhoezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli;mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.
15. “Njengasezinsukwini zokuphuma kwakho ezweni laseGibithengiyakubabonisa izimangaliso.”
16. Abezizwe bayakubona,babe namahloni ngamandla abo onke,babeke isandla sabo emlonyeni wabo,izindlebe zabo zibe yizithulu.