7. Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;uNkulunkulu wami uyakungizwa.
8. Ungathokozi ngami, sitha sami;ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka;lapho ngihlezi ebumnyameni,uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.
9. Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova,ngokuba ngonile kuye,aze amele indaba yami,angenzele ukwahlulelwa,angiphumisele ekukhanyeni,ngibone ukulunga kwakhe.
10. Isitha sami siyakukubona,sisitshekelwe ngamahloni,esona besithi kimi:“Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?”Amehlo ami ayakusibona;manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.
11. Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho;ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.
12. Ngalolo suku bayakufika kuwebevela e-Asiriya nasemizini yaseGibithe,kusukela eGibithe kuze kube seMfuleni,*kusukela elwandle kuze kube selwandle,kusukela entabeni kuze kube sentabeni.
13. Kepha izwe liyakuba yincithakalongenxa yabakhileyo kulo ngezenzo zabo.
14. Yalusa abantu bakho ngentonga yakho,izimvu zefa lakhoezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli;mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.
15. “Njengasezinsukwini zokuphuma kwakho ezweni laseGibithengiyakubabonisa izimangaliso.”
16. Abezizwe bayakubona,babe namahloni ngamandla abo onke,babeke isandla sabo emlonyeni wabo,izindlebe zabo zibe yizithulu.
17. Bayakukhotha uthuli njengenyoka,baphume bethuthumela njengezinto ezinabuzelayo emhlabathiniezindaweni zazo ezivalelweyo,bafike ngokuqhaqhazela kuJehova uNkulunkulu wethu,besabe ngenxa yakho.
18. Ngubani onguNkulunkulu onjengaweothethelela insali yefa lakho ububi bayo,uyiyekele isiphambeko sayo, na?Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade,ngokuba wenamela umusa.
19. Uyakubuye asibekezelele,anyathele phansi ububi bethu;yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle.
20. Uyakunika uJakobe ukuthembeka no-Abrahama umusaowakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.