Umika 7:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Maye kimi!Ngokuba nginjengokuvunwa kwezithelo zasehlobo,njengokukhothozwa komvini;akukho hlukuzo lokudliwa;umphefumulo wami uyafisa ikhiwane eliyingqalabutho.

2. Abathembekileyo babhubhile emhlabeni,akakho oqotho phakathi kwabantu;bonke baqamekela igazi;bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.

3. Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa;isikhulu sinesicelo,umahluleli ubheka umvuzo;omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe;bayakwalukanisa.

4. Omuhle wabo unjengobobe,olungileyo mubi kunothango lwameva;usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile;sekuyakuba ngukukhungatheka kubo.

5. Ningamethembi umngane,ningakholwa ngumhlobo;gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho.

6. Ngokuba indodana idelela uyise;indodakazi ivukela unina;umalokazana uvukela uninazala,nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.

7. Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;uNkulunkulu wami uyakungizwa.

8. Ungathokozi ngami, sitha sami;ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka;lapho ngihlezi ebumnyameni,uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.

9. Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova,ngokuba ngonile kuye,aze amele indaba yami,angenzele ukwahlulelwa,angiphumisele ekukhanyeni,ngibone ukulunga kwakhe.

10. Isitha sami siyakukubona,sisitshekelwe ngamahloni,esona besithi kimi:“Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?”Amehlo ami ayakusibona;manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.

11. Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho;ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.

12. Ngalolo suku bayakufika kuwebevela e-Asiriya nasemizini yaseGibithe,kusukela eGibithe kuze kube seMfuleni,*kusukela elwandle kuze kube selwandle,kusukela entabeni kuze kube sentabeni.

13. Kepha izwe liyakuba yincithakalongenxa yabakhileyo kulo ngezenzo zabo.

Umika 7