Umika 6:7-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqamanezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na?Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami,isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?

8. Ukutshelile, muntu, okuhle;uJehova ufunani kuwe,kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?

9. Izwi likaJehova liyamemeza kuwo umuzi.Ukwesaba igama lakho ngukusindiswa;zwanini induku noyimisileyo.

10. Kusekhona inzuzo embi endlini yababi,ne-efa* elincane eliqalekiswayo, na?

11. “Ukhona ohlanzekile onesilinganiso esibinesikhwama sezisindo ezikhohlisayo na?

12. “Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova,nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga,nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.

13. Ngalokho mina ngiyakugulisa ngokushaya,ngikuchithe ngenxa yezono zakho.

14. Lapho udlayo, awuyikusutha,kube khona ukulamba phakathi kwakho;uyakususa, ungakhululi kodwa,nokukhululayo ngiyakukukhaphela enkembeni.

Umika 6