Umika 6:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ake nizwe akushoyo uJehova, ethi:“Suka ulwe phambi kwezintaba,uzwise amagquma izwi lakho.

2. Zwanini, zintaba,ukuphikisana kukaJehova,nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo,ngokuba uJehova unokuphikisana nabantu bakhe,uyakumelana nabo.

3. “Bantu bami, ngenzeni kini;kuyini enginikhathaze ngakho na?Ngiphenduleni.

4. Nganikhuphula ezweni laseGibithe,nganihlenga endlini yezigqila,ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.

5. Bantu bami, ake nikhumbuleokwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi,nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori,nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali,nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”

6. Ngiyakusondela kuJehova nginantoni,ngikhothame kuNkulunkulu ophezulu, na?Ngiyakufika ngiphethe iminikelo yokushiswa,nginamathole amnyaka munye, na?

Umika 6