1. Ake nizwe akushoyo uJehova, ethi:“Suka ulwe phambi kwezintaba,uzwise amagquma izwi lakho.
2. Zwanini, zintaba,ukuphikisana kukaJehova,nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo,ngokuba uJehova unokuphikisana nabantu bakhe,uyakumelana nabo.
3. “Bantu bami, ngenzeni kini;kuyini enginikhathaze ngakho na?Ngiphenduleni.
4. Nganikhuphula ezweni laseGibithe,nganihlenga endlini yezigqila,ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.
5. Bantu bami, ake nikhumbuleokwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi,nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori,nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali,nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”