3. Ngalokho bayakukhashelwa,bese yibuyela insali yabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli.
4. Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova nangokuphakama kwegamalikaJehova uNkulunkulu wakhe;sebeyakuhlala,ngokuba uzakuba mkhulukuze kube semajukujukwini omhlaba.
5. Ukuthula kuyakuba yilokhu:lapho umAsiriya engena ezweni lakithi,anyathele ezindlini zethu zobukhosi,siyakumvusela abelusi abayisikhombisanezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.
6. Bayakuchitha izwe lase-Asiriya ngenkemba,nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo,asophule kumAsiriya,lapho engena ezweni lakithi,nalapho enyathela emikhawulweni yethu.
7. Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaninginjengamazolo avela kuJehova,ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu,zingahlaleli abantwana babantu.