2. “Kepha wena Betlehema Efratha,omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda,ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe,ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli,okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”
3. Ngalokho bayakukhashelwa,bese yibuyela insali yabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli.
4. Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova nangokuphakama kwegamalikaJehova uNkulunkulu wakhe;sebeyakuhlala,ngokuba uzakuba mkhulukuze kube semajukujukwini omhlaba.
5. Ukuthula kuyakuba yilokhu:lapho umAsiriya engena ezweni lakithi,anyathele ezindlini zethu zobukhosi,siyakumvusela abelusi abayisikhombisanezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.