Umika 5:2-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. “Kepha wena Betlehema Efratha,omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda,ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe,ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli,okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”

3. Ngalokho bayakukhashelwa,bese yibuyela insali yabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli.

4. Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova nangokuphakama kwegamalikaJehova uNkulunkulu wakhe;sebeyakuhlala,ngokuba uzakuba mkhulukuze kube semajukujukwini omhlaba.

5. Ukuthula kuyakuba yilokhu:lapho umAsiriya engena ezweni lakithi,anyathele ezindlini zethu zobukhosi,siyakumvusela abelusi abayisikhombisanezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.

Umika 5