Umika 4:8-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Wena mbhoshongo womhlambi,negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe,yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika,umbuso wendodakazi yaseJerusalema.”

9. Umemezelani manje ngokumemeza okungakho na?Ayikho inkosi kuwe,ubhubhile umluleki wakho,lokhu ubanjwe yimihelo njengobelethayo.

10. Yiba nemihelo, uzale,ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo,ngokuba manje uyakuphuma emzini,uhlale endle,ufike naseBabele,lapho uzakophulwa khona;lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.

11. Manje izizwe eziningi zikubuthanele;zithi: “Malingcoliswe,amehlo ethu alibuke iSiyoni.”

12. Kepha azazi imicabango kaJehova,aziqondi amasu akhe,ngokuba uzibuthile njengezithungu esibuyeni.

13. “Suka ubhule, ndodakazi yaseSiyoni,ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi,nezinselo zakho ngizenze insimbi;uyakuchoboza abantu abaningi,”kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo,nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.

Umika 4