9. Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo,nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube phakade.
10. Sukumani nihambe,ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu;ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.
11. Uma bekuhambahamba umuntuokhuluma umoya nje namanga, athi:‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.
12. “Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho;ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli;ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira,njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo,kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.
13. Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo;sebefohlile, badlulela esangweni,baphuma ngalo;inkosi yabo idlulile phambi kwabo,noJehova usesihlokweni sabo.”