Umika 2:7-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe,ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile;yizenzo zakhe lezi na?“Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?

8. Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha;nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba,befulathele ukulwa.

9. Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo,nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube phakade.

10. Sukumani nihambe,ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu;ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.

11. Uma bekuhambahamba umuntuokhuluma umoya nje namanga, athi:‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.

12. “Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho;ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli;ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira,njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo,kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.

Umika 2