1. Wo! kwabaceba ububi,benze okubi emibhedeni yabo!Ekukhanyeni kokusa bayakwenza,ngokuba kusemandleni ezandla zabo.
2. Bafisa amasimu, bawadluzule,nezindlu, bazisuse;bacindezela indoda nendlu yayo,umuntu nefa lakhe.
3. Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni,eningayikukhipha kukho izintamo zenu;futhi ningahambi ngokuzidla,ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.
4. Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani,bakhale isililo, bathi:‘Sichithiwe nokuchithwa;isabelo sabantu bami sinikwa omunye;yeka ukubuya kwakhe kimi;abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”
5. Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkathoebandleni likaJehova.
6. “Ningaprofethi,” baprofetha,basho njalo,“ningaprofethi ngalokho;ihlazo aliyikusifica.”