Umika 2:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wo! kwabaceba ububi,benze okubi emibhedeni yabo!Ekukhanyeni kokusa bayakwenza,ngokuba kusemandleni ezandla zabo.

2. Bafisa amasimu, bawadluzule,nezindlu, bazisuse;bacindezela indoda nendlu yayo,umuntu nefa lakhe.

3. Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni,eningayikukhipha kukho izintamo zenu;futhi ningahambi ngokuzidla,ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.

4. Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani,bakhale isililo, bathi:‘Sichithiwe nokuchithwa;isabelo sabantu bami sinikwa omunye;yeka ukubuya kwakhe kimi;abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”

5. Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkathoebandleni likaJehova.

Umika 2