Umika 1:7-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa,nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo,nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo,ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe;kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.”

8. Ngenxa yalokho ngiyakukhala,ngihhewule,ngihambe ngihlutshuliwe,ngihamba ze;ngenze isililo njengamakhanka,ngikhale njengezintshe.

9. Ngokuba amanxeba alo awanakuphulukiswa,lokhu sekufikile nakwaJuda,kufinyelela esangweni labantu bami naseJerusalema.

10. Ningakulandisi eGati, ningakhali e-Akha;eBeti Afera huquzelani othulini.

11. Dlulani nina enakhileyo eShafiri ngobunqunu nangehlazo;abakhe eSawanani abaphumi;ukukhala kwaseBeti Eseli akunivumeli ukuhlala khona.

12. Ngokuba abakhe eMaroti banemihelo ngokuhle,lokhu okubi kwehlile kuvela kuJehova,kwafika esangweni laseJerusalema.

13. Bophelani enqoleni ihhashi elinejubane,nina enakhileyo eLakishi;lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni,ngokuba iziphambeko zakwa-Israyeli zafunyanwa kuwe.

14. Ngalokho uyakupha iMoresheti Gati isipho sokuvalelisana;izindlu zase-Akizibi ziyakuba yinkohliso kuwo amakhosi akwa-Israyeli.

Umika 1