1. Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.
2. Zwanini, bantu bonke,uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho,iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani,iNkosi isethempelini layo elingcwele.
3. Ngokuba bhekani, uJehova uphuma endaweni yakhe,ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.