Umalaki 3:6-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. “Ngokuba mina Jehova angiguquki; ngalokho nina madodana kaJakobe aniqedwa.

7. Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami, anizigcinanga. Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini,” usho uJehova Sebawoti.“Nokho nithi: ‘Siyakubuyela kanjani?’

8. “Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho niyangiphanga.“Bese nithi: ‘Sikuphange kanjani na?’“Ngokweshumi nangeminikelo.

9. Niqalekisiwe ngesiqalekiso, nokho niyangiphanga, sizwe sonke.

Umalaki 3