Umalaki 2:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Manje lo myalo ungowenu bapristi.

2. Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.

3. “Bhekani, ngiyakusongela inzalo yenu ngenxa yenu, ngithele umquba ebusweni benu, umquba wemikhosi yenu, nisuselwe kuwo.

4. Niyakwazi ukuthi ngithumile kini lo myalo ukuba isivumelwano sami noLevi sime,” usho uJehova Sebawoti.

5. “Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika khona ukuba esabe; wangesaba, waphela amandla phambi kwegama lami.

6. Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi babungatholwa ezindebeni zakhe; wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wabuyisa abaningi ebubini.

7. “Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.

8. Kepha nichezukile endleleni, nikhubekisile abaningi emthethweni; nisonakalisile isivumelwano sikaLevi,” usho uJehova Sebawoti.

9. “Ngalokho mina nginenzile naba ngabadelelekileyo nabathotshisiweyo phambi kwabantu bonke njengokuba ningazigcinanga izindlela zami, kepha nikhethe ubuso emthethweni.

10. “Asinaye ubaba munye thina sonke? Asidalwanga nguNkulunkulu munye na? Sikhohlisanelani, kube yilowo nomfowabo, sisingcolisa isivumelwano sawobaba na?

11. “UJuda ukhohlisile, isinengiso senziwe kwa-Israyeli naseJerusalema, ngokuba uJuda uyingcolisile indlu engcwele kaJehova ayithandayo, waganwa yindodakazi kankulunkulu wabezizwe.

Umalaki 2