24. Wayeseletha amadodana ka-Aroni, uMose walibheca igazi esicutshini sendlebe yabo yokunene, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene; uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke.
25. Wawathatha amanoni, nomsila ononileyo, nawo onke amanoni aphezu kwezibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni azo, nomlenze wokunene,
26. naseqomeni lezinkwa ezingenamvubelo elalisebusweni bukaJehova wathatha iqebelengwane laba linye elingenamvubelo, neqebelengwane laba linye lesinkwa samafutha, nomqathane munye, wakubeka phezu kwamanoni naphezu komlenze wokunene,
27. wakubeka konke ezandleni zika-Aroni, nasezandleni zamadodana akhe, wakuzulisa kwaba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.