20. Wayeseyihlahlela inyama izitho; uMose washisa inhloko nezitho namanoni.
21. Wahlanza izibilini namanqina ngamanzi; uMose washisa yonke inqama e-altare; yayingumnikelo wokushiswa, waba yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
22. Waletha nenye inqama, inqama yokwahlukaniselwa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.
23. Wayihlaba; uMose wathatha igazi layo, walibheca esicutshini sendlebe yokunene ka-Aroni, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene.
24. Wayeseletha amadodana ka-Aroni, uMose walibheca igazi esicutshini sendlebe yabo yokunene, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene; uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke.
25. Wawathatha amanoni, nomsila ononileyo, nawo onke amanoni aphezu kwezibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni azo, nomlenze wokunene,
26. naseqomeni lezinkwa ezingenamvubelo elalisebusweni bukaJehova wathatha iqebelengwane laba linye elingenamvubelo, neqebelengwane laba linye lesinkwa samafutha, nomqathane munye, wakubeka phezu kwamanoni naphezu komlenze wokunene,
27. wakubeka konke ezandleni zika-Aroni, nasezandleni zamadodana akhe, wakuzulisa kwaba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.
28. UMose wayesekuthatha ezandleni zabo, wakushisa e-altare emnikelweni wokushiswa; kwakungokokwahlukaniselwa, kwaba yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
29. UMose wathatha isifuba, wasizulisa saba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; sasiyisabelo sikaMose sasenqameni yokwahlukaniselwa, njengalokho uJehova emyalile uMose.
30. UMose wayesethatha amafutha okugcoba, negazi elalise-altare, wafafaza ngalo u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe, wangcwelisa u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe.
31. Wathi uMose ku-Aroni nakumadodana akhe: “Phekani inyama ngasemnyango wetende lokuhlangana, niyidle kanye nesinkwa esiseqomeni lokwahlukaniselwa, njengalokho ngayala ngathi: ‘U-Aroni namadodana akhe bayakukudla.’
32. Okuseleyo kwenyama nokwesinkwa anokushisa ngomlilo.
33. Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana izinsuku eziyisikhombisa, kungakapheli izinsuku zokwahlukaniselwa kwenu, ngokuba uyakunahlukanisela izinsuku eziyisikhombisa.
34. UJehova uyalile ukuba kwenziwe njengalokho kwenziwe namuhla, ukuze nenzelwe ukubuyisana.
35. Ngasemnyango wetende lokuhlangana niyakuhlala imini nobusuku izinsuku eziyisikhombisa, nisigcine isiyalezo sikaJehova, ukuze ningafi, ngokuba ngiyaliwe kanjalo.”
36. U-Aroni namadodana akhe benza konke uJehova ayale ngakho ngesandla sikaMose.