Ulevitikusi 8:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2. “Thabatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama zombili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,

3. ubuthele inhlangano yonke ngasemnyango wetende lokuhlangana.”

4. UMose wenza njengalokho uJehova emyalile; inhlangano yabuthelwa ngasemnyango wetende lokuhlangana.

Ulevitikusi 8