Ulevitikusi 8:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2. “Thabatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama zombili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,

3. ubuthele inhlangano yonke ngasemnyango wetende lokuhlangana.”

4. UMose wenza njengalokho uJehova emyalile; inhlangano yabuthelwa ngasemnyango wetende lokuhlangana.

5. UMose wayesethi kuyo inhlangano: “Nansi into uJehova ayale ngayo ukuba yenziwe.”

6. UMose waletha u-Aroni namadodana akhe, wabageza ngamanzi.

7. Wamfaka ibhantshi, wambhincisa ibhande,* wamembathisa ijazi; wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, wayibophela kuye ngalo.

8. Wamfaka isihlangu sesifuba, nasesihlangwini sesifuba wabeka i-Urimi neThumimi.*

9. Wafaka isigqoko ekhanda lakhe, nasesigqokweni ngaphambili wafaka ungcwecwe wegolide, umqhele ongcwele, njengalokho uJehova emyalile uMose.

10. UMose wathatha amafutha okugcoba, waligcoba itabernakele* nakho konke okuphakathi kwalo, wakungcwelisa.

11. Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa, waligcoba i-altare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.

12. Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba ukuba angcweliswe.

13. UMose wayeseletha amadodana ka-Aroni, wawembathisa amabhantshi, wawabhincisa amabhande,* wawafaka izigqoko, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Ulevitikusi 8