1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Thabatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama zombili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,
3. ubuthele inhlangano yonke ngasemnyango wetende lokuhlangana.”
4. UMose wenza njengalokho uJehova emyalile; inhlangano yabuthelwa ngasemnyango wetende lokuhlangana.
5. UMose wayesethi kuyo inhlangano: “Nansi into uJehova ayale ngayo ukuba yenziwe.”
6. UMose waletha u-Aroni namadodana akhe, wabageza ngamanzi.
7. Wamfaka ibhantshi, wambhincisa ibhande,* wamembathisa ijazi; wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, wayibophela kuye ngalo.
8. Wamfaka isihlangu sesifuba, nasesihlangwini sesifuba wabeka i-Urimi neThumimi.*
9. Wafaka isigqoko ekhanda lakhe, nasesigqokweni ngaphambili wafaka ungcwecwe wegolide, umqhele ongcwele, njengalokho uJehova emyalile uMose.
10. UMose wathatha amafutha okugcoba, waligcoba itabernakele* nakho konke okuphakathi kwalo, wakungcwelisa.
11. Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa, waligcoba i-altare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.
12. Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba ukuba angcweliswe.
13. UMose wayeseletha amadodana ka-Aroni, wawembathisa amabhantshi, wawabhincisa amabhande,* wawafaka izigqoko, njengalokho uJehova emyalile uMose.