9. Yonke iminikelo yempuphu ephekwe eziko, nayo yonke elungiselwa okhambeni nasemqengeleni, iyakuba ngeyalo mpristi anikele ngayo.
10. Yonke iminikelo yempuphu exovwe namafutha neyomileyo iyakuba ngeyamadodana onke ka-Aroni, enye ithole njengenye.
11. “ ‘Nanku umthetho womhlatshelo weminikelo yokuthula okuyakunikelwa ngayo kuJehova.
12. “ ‘Uma enikela ngawo ube ngumnikelo wokubonga, uyakunikela kanye nomhlatshelo wokubonga ngamaqebelengwane angenamvubelo exovwe namafutha, nemiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha, namaqebelengwane empuphu ecolekileyo axovwe namafutha.
13. Kanye namaqebelengwane esinkwa esivutshelweyo uyakunikela ngalo mnikelo kanye nomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula, ube ngowokubonga.