26. Ningadli naliphi igazi, noma ngelenyoni noma ngelenkomo, nakuyiphi yezindlu zenu.
27. Yilowo nalowo odla igazi lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”
28. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
29. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Onikela ngomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula kuJehova uyakuletha umnikelo wakhe kuJehova emhlatshelweni weminikelo yakhe yokuthula;
30. izandla zakhe uqobo zilethe iminikelo yomlilo kaJehova, alethe amanoni kanye nesifuba ukuba isifuba sizuliswe, sibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.
31. Umpristi makashise amanoni e-altare, kepha isifuba sibe ngesika-Aroni nesamadodana akhe.
32. Anonika umpristi umlenze wokunene, ube ngumnikelo wokuphakanyiswa emihlatshelweni yeminikelo yenu yokuthula.
33. Lowo phakathi kwamadodana ka-Aroni onikela ngegazi leminikelo yokuthula nangamanoni koba ngowakhe umlenze wokunene, ube yisabelo sakhe.