Ulevitikusi 7:23-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Aniyikudla manoni enkomo, nawemvu, nawembuzi.

24. Amanoni engcuba namanoni okudweshuliweyo angasebenza yonke eminye imisebenzi; kepha ningawadli nempela.

25. Ngokuba yilowo nalowo odla amanoni enkomo okunikelwa ngayo ibe ngumnikelo womlilo kuJehova, lowo muntu owadlayo uyakunqunywa kubantu bakubo.

26. Ningadli naliphi igazi, noma ngelenyoni noma ngelenkomo, nakuyiphi yezindlu zenu.

27. Yilowo nalowo odla igazi lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”

28. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

29. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Onikela ngomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula kuJehova uyakuletha umnikelo wakhe kuJehova emhlatshelweni weminikelo yakhe yokuthula;

30. izandla zakhe uqobo zilethe iminikelo yomlilo kaJehova, alethe amanoni kanye nesifuba ukuba isifuba sizuliswe, sibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.

31. Umpristi makashise amanoni e-altare, kepha isifuba sibe ngesika-Aroni nesamadodana akhe.

32. Anonika umpristi umlenze wokunene, ube ngumnikelo wokuphakanyiswa emihlatshelweni yeminikelo yenu yokuthula.

33. Lowo phakathi kwamadodana ka-Aroni onikela ngegazi leminikelo yokuthula nangamanoni koba ngowakhe umlenze wokunene, ube yisabelo sakhe.

34. Ngokuba isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa ngikuthabathe kwabakwa-Israyeli emihlatshelweni yeminikelo yabo yokuthula, ngakunika u-Aroni umpristi namadodana akhe, kube yisimiso esiphakade kwabakwa-Israyeli.’ ”

35. Leso siyisabelo sika-Aroni nesabelo samadodana akhe seminikelo yomlilo kaJehova mhla ebaletha ukuba bamkhonze uJehova esikhundleni sobupristi,

Ulevitikusi 7