Ulevitikusi 7:22-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Jehova wakhuluma kuMose, wathi:

23. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Aniyikudla manoni enkomo, nawemvu, nawembuzi.

24. Amanoni engcuba namanoni okudweshuliweyo angasebenza yonke eminye imisebenzi; kepha ningawadli nempela.

25. Ngokuba yilowo nalowo odla amanoni enkomo okunikelwa ngayo ibe ngumnikelo womlilo kuJehova, lowo muntu owadlayo uyakunqunywa kubantu bakubo.

Ulevitikusi 7