18. Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.
19. “ ‘Inyama ethinta into engcolileyo ayinakudliwa, kepha iyakushiswa ngomlilo; nokho le nyama-ke bonke abahlambulukileyo bangayidla.
20. Kodwa umuntu oyidla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova esenakho ukungcola kwakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
21. Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo, adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”
22. Jehova wakhuluma kuMose, wathi:
23. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Aniyikudla manoni enkomo, nawemvu, nawembuzi.
24. Amanoni engcuba namanoni okudweshuliweyo angasebenza yonke eminye imisebenzi; kepha ningawadli nempela.
25. Ngokuba yilowo nalowo odla amanoni enkomo okunikelwa ngayo ibe ngumnikelo womlilo kuJehova, lowo muntu owadlayo uyakunqunywa kubantu bakubo.
26. Ningadli naliphi igazi, noma ngelenyoni noma ngelenkomo, nakuyiphi yezindlu zenu.
27. Yilowo nalowo odla igazi lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”
28. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
29. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Onikela ngomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula kuJehova uyakuletha umnikelo wakhe kuJehova emhlatshelweni weminikelo yakhe yokuthula;