Ulevitikusi 7:16-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. “ ‘Kepha uma umhlatshelo womnikelo wakhe ungowesithembiso noma ungowesihle, uyakudliwa ngalolo suku anikela ngalo ngomhlatshelo wakhe; nangakusasa okuseleyo kuwo kuyakudliwa;

17. kepha okusele enyameni yomhlatshelo ngosuku lwesithathu kuyakushiswa ngomlilo.

18. Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.

19. “ ‘Inyama ethinta into engcolileyo ayinakudliwa, kepha iyakushiswa ngomlilo; nokho le nyama-ke bonke abahlambulukileyo bangayidla.

20. Kodwa umuntu oyidla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova esenakho ukungcola kwakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

Ulevitikusi 7