16. “ ‘Kepha uma umhlatshelo womnikelo wakhe ungowesithembiso noma ungowesihle, uyakudliwa ngalolo suku anikela ngalo ngomhlatshelo wakhe; nangakusasa okuseleyo kuwo kuyakudliwa;
17. kepha okusele enyameni yomhlatshelo ngosuku lwesithathu kuyakushiswa ngomlilo.
18. Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.
19. “ ‘Inyama ethinta into engcolileyo ayinakudliwa, kepha iyakushiswa ngomlilo; nokho le nyama-ke bonke abahlambulukileyo bangayidla.
20. Kodwa umuntu oyidla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova esenakho ukungcola kwakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.