15. Inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula ongowokubonga iyakudliwa ngosuku lokunikela kwakhe, angashiyi lutho lwayo kuze kuse.
16. “ ‘Kepha uma umhlatshelo womnikelo wakhe ungowesithembiso noma ungowesihle, uyakudliwa ngalolo suku anikela ngalo ngomhlatshelo wakhe; nangakusasa okuseleyo kuwo kuyakudliwa;
17. kepha okusele enyameni yomhlatshelo ngosuku lwesithathu kuyakushiswa ngomlilo.