1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Uma umuntu ona, enze isiphambeko kuJehova, akhohlise umakhelwane wakhe ngento ebekiweyo, noma isibambiso noma into ephangiweyo, noma ecindezela umakhelwane wakhe,
3. noma, lapho ethola into elahlekileyo, eyiphika, afunge amanga, noma yikuphi kukho konke lokhu umuntu akwenzayo one ngakho,
4. khona kuyakuthi, uma onile aze abe necala, uyakukubuyisa lokho okuphangiweyo, noma lokho akudlileyo, noma lokho okwakubekwe kuye, noma lokho okwakulahlekile akutholayo,
5. noma yikuphi afungile amanga ngakho; makakubuyise, athasisele okwesihlanu kukho, amnike lowo okungokwakhe ngosuku lomnikelo wakhe wecala.