1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Uma umuntu ona, enze isiphambeko kuJehova, akhohlise umakhelwane wakhe ngento ebekiweyo, noma isibambiso noma into ephangiweyo, noma ecindezela umakhelwane wakhe,
3. noma, lapho ethola into elahlekileyo, eyiphika, afunge amanga, noma yikuphi kukho konke lokhu umuntu akwenzayo one ngakho,
4. khona kuyakuthi, uma onile aze abe necala, uyakukubuyisa lokho okuphangiweyo, noma lokho akudlileyo, noma lokho okwakubekwe kuye, noma lokho okwakulahlekile akutholayo,
5. noma yikuphi afungile amanga ngakho; makakubuyise, athasisele okwesihlanu kukho, amnike lowo okungokwakhe ngosuku lomnikelo wakhe wecala.
6. Woletha umnikelo wakhe wecala kuJehova, inqama engenasici yasemhlambini ngokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, iyiswe kumpristi,
7. umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, aze athethelelwe konke angahle abe ekwenzile anecala ngakho.”
8. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
9. “Yala u-Aroni namadodana akhe, uthi: ‘Nanku umthetho weminikelo yokushiswa: umnikelo wokushiswa uyakuhlala eziko le-altare ubusuku bonke kuze kuse, umlilo we-altare uhlale kulo uvutha njalo.
10. Umpristi uyakwembatha isambatho selineni, afake nebhulukwe lakhe lelineni emzimbeni wakhe, asuse umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-altare, awuthele ngaseceleni kwe-altare.
11. Abesekhumula izambatho zakhe, embathe ezinye izambatho, akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo.