Ulevitikusi 5:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “ ‘Uma umuntu ona lapho ezwa izwi lesifungo, engufakazi wokuthile, noma ekubonile noma ekwazi, engakusho nokho, khona wothwala ububi bakhe;

2. noma umuntu ethinta into engcolileyo, noma isidumbu sesilo esingcolileyo, noma isidumbu senkomo engcolileyo, noma isidumbu sesilwanyana esikhasayo esingcolileyo, kumsithele, engcolile nokho, woba necala.

3. “ ‘Noma ethinta ukungcola komuntu, nakuba yikuphi ukungcola kwakhe angcole ngakho, kumsithele, lapho esekwazi woba necala.

4. “ ‘Noma umuntu efunga ngamawala ngomlomo wakhe ukwenza okubi nokuba ukwenza okuhle, noma yikuphi umuntu angaphahluka ngakho ngesifungo, kumsithele, lapho esekwazi woba necala kokunye kwalokho.

5. “ ‘Kuyakuthi lapho enecala kokunye kwalokho, avume lokho one ngakho,

6. uyakuletha umnikelo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso, insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.

7. “ ‘Uma amandla akhe enganeli imvu, makalethe kuJehova ngesono one ngaso amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa,

8. awalethe kumpristi oyakunikela ngelomnikelo wesono kuqala, alishumpule inhloko entanyeni, angalidabuli kodwa,

9. afafaze uhlangothi lwe-altare ngegazi lomnikelo wesono, igazi eliseleyo likhanyelwe ngasesinqeni se-altare; kungumnikelo wesono.

10. Uyakulungisa elesibili libe ngumnikelo wokushiswa njengokwesimiso, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.

11. “ ‘Kepha uma amandla akhe enganeli amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, makalethe umnikelo wakhe ngalokho one ngakho, okweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo, ube ngumnikelo wesono, angatheli mafutha phezu kwawo, angabeki nhlaka phezu kwawo, ngokuba kungumnikelo wesono,

12. awulethe kumpristi, umpristi acaphune kuwo ngokhweshe, kube yisikhumbuzo sawo, akushise e-altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova; kungumnikelo wesono.

Ulevitikusi 5