17. Umpristi uyakugcobhoza umunwe wakhe egazini, afafaze ngalo kasikhombisa phambi kukaJehova phambi kwesihenqo.
18. Uyakulibheca igazi ezimpondweni ze-altare eliphambi kukaJehova, elisetendeni lokuhlangana, athulule lonke elinye igazi ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.
19. Abesethabatha kuyo onke amanoni, awashise e-altare.
20. Makenze njalo ngenkunzi; njengalokho wenza ngenkunzi yomnikelo wesono, makenze njalo nangalena. Umpristi abenzele ukubuyisana, baze bathethelelwe.
21. Uyakuyikhiphela inkunzi ngaphandle kwekamu,* ayishise, njengalokho wayishisa inkunzi yokuqala: lokhu kungumnikelo wesono webandla.
22. “ ‘Nxa kona induna, yenza kungengamabomu noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova uNkulunkulu wayo ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, ize ibe necala,
23. uma-ke yaziswa isono sayo eyone ngaso, iyakuletha umnikelo wayo ube yimbuzi, eyeduna elingenasici.
24. Iyakubeka isandla sayo enhloko yembuzi, iyihlabele endaweni lapho behlabela khona iminikelo yokushiswa phambi kukaJehova; kungumnikelo wesono.
25. Umpristi wothabatha igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa.
26. Onke amanoni awo uyakuwashisa e-altare njengamanoni omhlatshelo weminikelo yokuthula, umpristi ayenzele ukubuyisana ngesono sayo, ize ithethelelwe.