8. Kepha uma empofu kunokulinganisa kwakho, uyakubekwa phambi kompristi, umpristi amlinganise; umpristi uyakumlinganisa ngokwamandla akhe owathembisayo.
9. “ ‘Uma kuyizilwane okunganikelwa ngazo kuJehova, zonke ezinjalo umuntu anikela ngazo kuJehova ziyakuba ngcwele.
10. Akayikuziphambanisa, angazenani ngezinye, esihle ngesibi nesibi ngesihle; uma enana nokwenana isilwane ngesilwane, sona leso kanye naso okwenanwa ngaso ziyakuba ngcwele.
11. Uma kuyisilwane esingcolileyo okunganikelwa ngaso kuJehova, uyakusibeka isilwane phambi kompristi,