Ulevitikusi 27:32-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Konke okweshumi kwezinkomo noma okwezimvu, zonke ezidlula phansi kwentonga, okweshumi kuyakuba ngcwele kuJehova.

33. Akayikuhlola, uma kuhle noma kubi, angakwenani ngokunye; kepha uma ngempela ekwenana ngokunye, lokhu nalokho akwenana ngakho kuyakuba ngcwele; akuyikuhlengwa.’ ”

34. Leyo iyimiyalo uJehova ayala ngayo uMose ngabantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi.

Ulevitikusi 27