Ulevitikusi 27:24-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Ngomnyaka wejubili* insimu iyakubuyela kuye eyathengwa kuye, yebo, kuye olifa lensimu lingelakhe.

25. Konke ukulinganisa kwakho kuyakuba ngokweshekeli* lendlu engcwele; amagera* angamashumi amabili ayakuba yishekeli.

26. “ ‘Kepha izibulo lezilwane elenziwe libe yizibulo kuJehova aliyikungcweliswa muntu; noma liyinkabi noma liyimvu, lingelikaJehova.

27. Uma kungelesilwane esingcolileyo, uyakulihlenga ngokulinganisa kwakho, athasisele kukho okwesihlanu kwakho; uma lingahlengwa, kuyakuthengiswa ngalo ngokulinganisa kwakho.

28. “ ‘Nokho into yonke eyahlukaniswa, umuntu ayahlukanisela uJehova kukho konke anakho, noma abantu, noma izilwane, noma insimu yefa lakhe, akuyikuthengiswa ngayo, ingahlengwa; konke okwahlukanisiwe kungcwelengcwele kuJehova.

29. “ ‘Akukho muntu owaqalekiswayo, owaqalekiswa kubantu, ongahlengwa; wobulawa nokubulawa.

30. “ ‘Nokweshumi konke kwezwe, okwembewu yezwe noma okwezithelo zemithi, kungokukaJehova; kungcwele kuJehova.

31. Uma umuntu ethanda ukuhlenga okuthile okokweshumi kwakhe, uyakuthasisela kukho okwesihlanu kwakho.

32. Konke okweshumi kwezinkomo noma okwezimvu, zonke ezidlula phansi kwentonga, okweshumi kuyakuba ngcwele kuJehova.

33. Akayikuhlola, uma kuhle noma kubi, angakwenani ngokunye; kepha uma ngempela ekwenana ngokunye, lokhu nalokho akwenana ngakho kuyakuba ngcwele; akuyikuhlengwa.’ ”

34. Leyo iyimiyalo uJehova ayala ngayo uMose ngabantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi.

Ulevitikusi 27