Ulevitikusi 27:23-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. umpristi uyakumbalela imali yokulinganisa kwakho kuze kufike umnyaka wejubili,* anike ukulinganisa kwakho ngalolo suku kube yinto engcwele kuJehova.

24. Ngomnyaka wejubili* insimu iyakubuyela kuye eyathengwa kuye, yebo, kuye olifa lensimu lingelakhe.

25. Konke ukulinganisa kwakho kuyakuba ngokweshekeli* lendlu engcwele; amagera* angamashumi amabili ayakuba yishekeli.

26. “ ‘Kepha izibulo lezilwane elenziwe libe yizibulo kuJehova aliyikungcweliswa muntu; noma liyinkabi noma liyimvu, lingelikaJehova.

27. Uma kungelesilwane esingcolileyo, uyakulihlenga ngokulinganisa kwakho, athasisele kukho okwesihlanu kwakho; uma lingahlengwa, kuyakuthengiswa ngalo ngokulinganisa kwakho.

Ulevitikusi 27