Ulevitikusi 27:15-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Uma oyingcwelisayo ethanda ukuyihlenga indlu yakhe, uyakuthasisela okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, ibe ngeyakhe.

16. “ ‘Uma umuntu eyakumngcwelisela uJehova inxenye yensimu yefa lakhe, ukulinganisa kwakho kuyakuba njengokuhlwanyelwa kwayo, ukuhlwanyelwa kwehomere* lebhali* kube ngamashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva.

17. Uma engcwelisa insimu yakhe kusukela emnyakeni wejubili,* iyakuma ngokulinganisa kwakho.

18. Kepha uma ungcwelisa insimu emva kwejubili,* umpristi uyakumbalela imali ngeminyaka eseleyo kuze kufike umnyaka wejubili, kuncishiswe ukulinganisa kwakho.

19. Uma ongcwelisa insimu ethanda ngempela ukuyihlenga, uyakuthasisela kuyo okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, iqiniswe kuye.

20. Uma engahlengi insimu, noma ethengisile ngensimu komunye umuntu, ayisayikuhlengwa.

21. Kepha insimu ekuphumeni kwayo ngejubili* iyakuba ngcwele kuJehova njengensimu eyahlukaniswayo; iyakuba yifa lompristi.

22. “ ‘Uma engcwelisela uJehova insimu ayithengileyo, engesiyo insimu yefa lakhe,

23. umpristi uyakumbalela imali yokulinganisa kwakho kuze kufike umnyaka wejubili,* anike ukulinganisa kwakho ngalolo suku kube yinto engcwele kuJehova.

24. Ngomnyaka wejubili* insimu iyakubuyela kuye eyathengwa kuye, yebo, kuye olifa lensimu lingelakhe.

25. Konke ukulinganisa kwakho kuyakuba ngokweshekeli* lendlu engcwele; amagera* angamashumi amabili ayakuba yishekeli.

26. “ ‘Kepha izibulo lezilwane elenziwe libe yizibulo kuJehova aliyikungcweliswa muntu; noma liyinkabi noma liyimvu, lingelikaJehova.

27. Uma kungelesilwane esingcolileyo, uyakulihlenga ngokulinganisa kwakho, athasisele kukho okwesihlanu kwakho; uma lingahlengwa, kuyakuthengiswa ngalo ngokulinganisa kwakho.

28. “ ‘Nokho into yonke eyahlukaniswa, umuntu ayahlukanisela uJehova kukho konke anakho, noma abantu, noma izilwane, noma insimu yefa lakhe, akuyikuthengiswa ngayo, ingahlengwa; konke okwahlukanisiwe kungcwelengcwele kuJehova.

29. “ ‘Akukho muntu owaqalekiswayo, owaqalekiswa kubantu, ongahlengwa; wobulawa nokubulawa.

30. “ ‘Nokweshumi konke kwezwe, okwembewu yezwe noma okwezithelo zemithi, kungokukaJehova; kungcwele kuJehova.

31. Uma umuntu ethanda ukuhlenga okuthile okokweshumi kwakhe, uyakuthasisela kukho okwesihlanu kwakho.

Ulevitikusi 27