Ulevitikusi 26:7-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Niyakuxosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba.

8. Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba.

9. “ ‘Ngiyakuninaka, nginenze ukuba nizale, nande, ngimise isivumelwano sami nani.

10. Niyakudla unyasa omdala, nikhiphe unyasa ngenxa yokusha.

Ulevitikusi 26