7. Niyakuxosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba.
8. Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba.
9. “ ‘Ngiyakuninaka, nginenze ukuba nizale, nande, ngimise isivumelwano sami nani.
10. Niyakudla unyasa omdala, nikhiphe unyasa ngenxa yokusha.