Izwe liyakushiywa yibo, lithokoze ngamasabatha alo, lisahlezi lichithekile, lingenabo; bayakwamukela isijeziso sobubi babo, ngokuba, yebo, ngokuba balahla izahlulelo zami nangokuba umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.